19 kodwa ngegazi elinqabileyo likaKristu kungathi elewundlu elingenacala, elingenabala;
20 owaziwa phakade, izwe lingakasekelwa, kepha wabonakaliswa ngezikhathi zokugcina ngenxa yenu
21 enikholwa nguNkulunkulu ngaye, owamvusa kwabafileyo nowamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu kube nethemba kuNkulunkulu.
22 Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, nize nithande abazalwane ngokungazenzisi, thandanani ngokupheleleyo omunye nomunye ngenhliziyo,
23 senizelwe kabusha kungengambewu ephelayo kodwa ngengapheliyo, ngezwi eliphilileyo nelimiyo likaNkulunkulu,
24 ngokuba,“Yonke inyama injengotshani,nobukhosi bayo bonke bunjengembali yotshani;utshani buyabuna,nembali iyavuthuluka,kepha izwi leNkosi limi kuze kube phakade.”
25 Yilo leli zwi levangeli elashunyayelwa kinina.