3 Ukuhloba kwenu makungabi ngokungaphandle, okokwaluka izinwele, nokokufaka igolide, noma okokugqoka izingubo,
4 kepha makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.
5 Ngokuba kade babezihlobisa kanjalo abesifazane abangcwele abamethembayo uNkulunkulu, bethobela amadoda abo,
6 njengalokho uSara wamlalela u-Abrahama embiza ngokuthi inkosi, eningabantwana bakhe, uma nenza okuhle, ningesatshiswa nokukodwa okwesabisayo.
7 Kanjalo, madoda, hlalani nabo ngokokwazi, njengalokhu owesifazane eyisitsha esibuthakathaka, nibanike udumo, lokhu beyizindlalifa zomusa wokuphila kanye nani, ukuze imikhuleko yenu ingathiywa.
8 Okokugcina, manibe nhliziyonye nonke, nihawukelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka,
9 ningaphindisi okubi ngokubi nokuthuka ngokuthuka, kepha kakhulu manibusise, ngokuba nabizelwa lokho ukuba nidle ifa lokubusiswa.