9 ningaphindisi okubi ngokubi nokuthuka ngokuthuka, kepha kakhulu manibusise, ngokuba nabizelwa lokho ukuba nidle ifa lokubusiswa.
10 “Ngokuba osuka ethanda ukuphilanokubona izinsuku ezinhle,makanqande ulimi lwakhe kokubi,nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso,
11 adede ebubini, enze okuhle,afune ukuthula, akujonge,
12 ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo,izindlebe zayo zisekunxuseni kwabo,kepha ubuso beNkosi buphezu kwabenza okubi.”
13 Pho, ubani onganilimaza, uma nishisekela okuhle na?
14 Kepha noma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiwe. Ningesabi ukwesabisa kwabo, ningakhathazeki,
15 kepha mngcweliseni uKristu abe yiNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini,