1 Ngakho ngiyawancenga amalunga aphakathi kwenu mina engiyilunga kanye nawo, nofakazi wezinhlupheko zikaKristu, nomhlanganyeli wenkazimulo ezakwambulwa, ngithi:
2 Yalusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, kungabi ngokucindezelwa kodwa ngokwentando kaNkulunkulu, kungabi ngenxa yenzuzo eyihlazo kodwa ngenhliziyo evumayo,
3 kungabi njengabazenza amakhosi phezu kwamabandla enabelwa wona, kodwa nibe yizibonelo zomhlambi;
4 kuyakuthi, nxa esebonakaliswa uMalusi omkhulu, niyakuzuza umqhele wenkazimulo ongabuniyo.
5 Ngokunjalo, nina basha, thobelani amalunga; kepha nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.
6 Ngalokho zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifaneleyo,
7 niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.