7 niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.
8 Qondani, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya;
9 melanani naye niqinile ekukholweni, nazi ukuthi zona lezo zinhlupheko zehlela abazalwane benu abasezweni.
10 Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu, senihluphekile isikhashana, yena uqobo uyakuniphelelisa, aniqinise, aninike amandla, anisekele.
11 Makube kuye amandla kuze kube phakade naphakade. Amen.
12 NgoSilvanu umfowethu othembekayo ngokubona kwami nginilobele ngokufushane, ngincenga, ngifakaza ukuthi lo yiwo umusa oqinisekileyo kaNkulunkulu; yimani kuwo.
13 Liyakhonza kini ibandla elikhethiweyo, kanye nani eliseBabiloni, noMarku indodana yami.