12 Kepha angimvumeli owesifazane ukuba afundise, nokuba abuse phezu kwendoda; kodwa makazithulele.
13 Ngokuba u-Adamu wabunjwa kuqala, emva kwalokho u-Eva.
14 Futhi u-Adamu kakhohliswanga, kepha owesifazane wathi ekhohlisiwe, waphambuka;
15 kepha uyakusindiswa ngokuzala abantwana, uma behlala ekukholweni nasothandweni nasebungcweleni kanye nokuqonda.