7 engamiselwa khona mina ukuba ngibe ngummemezeli nomphostoli -- ngikhuluma iqiniso, angiqambi amanga -- yebo, umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.
8 Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamisa izandla ezingcwele, engenalulaka nokuphikisana.
9 Ngokunjalo nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda, kungabi ngezinwele ezalukiweyo, nangegolide, nangamaparele,* nangezambatho ezinemali eningi,
10 kepha njengokufanele abesifazane abashoyo ukuthi besaba uNkulunkulu bahlobe ngemisebenzi emihle.
11 Owesifazane makafunde ukuthula nokuthobeka konke.
12 Kepha angimvumeli owesifazane ukuba afundise, nokuba abuse phezu kwendoda; kodwa makazithulele.
13 Ngokuba u-Adamu wabunjwa kuqala, emva kwalokho u-Eva.