13 Ngokuba amadiyakoni akhonze kahle azizuzela ukuma kahle nesibindi esikhulu ekukholweni okukuKristu Jesu.
14 Lokhu ngikulobela khona ngithemba ukuza kuwe masinyane;
15 kepha uma ngilibala, khona uyakwazi ukuthi kumelwe ukuba abantu bahambe kanjani endlini kaNkulunkulu eyibandla likaNkulunkulu ophilayo, insika nesisekelo seqiniso.
16 Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi:Owabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni,wabonwa yizingelosi, washunyayelwa ezizweni,wakholeka ezweni, waphakanyiselwa enkazimulweni.