2 Ngakho umbonisi umelwe abe ngongasolekiyo, indoda emfazi munye, abe ngozikhuzayo, oqondileyo, oziphatha ngokufaneleyo, ongenisa izihambi, onesu lokufundisa,
3 ongesilo ixhwele lewayini, ongesiso isilwi, kepha omnene, ongaxabaniyo, onganxaneli imali,
4 ophatha kahle indlu yakhe, abantwana bakhe bemthobela ngenhlonipho yonke --
5 kepha uma umuntu engakwazi ukuphatha owakhe umuzi, angaliphatha kanjani ibandla likaNkulunkulu na? --
6 angabi ngosanda kukholwa, funa ngokukhukhumala ayele ekulahlweni kukaSathane.
7 Kumelwe futhi ukuba abe nobufakazi obuhle kwabangaphandle, funa ayele esihlambeni nasesihibeni sikaSathane.
8 Ngokunjalo namadiyakoni* kufanele abe nesizotha, angabi ndimimbili, angabi ngabanaka kakhulu iwayini, angahaheli inzuzo embi,