8 Ngokunjalo namadiyakoni* kufanele abe nesizotha, angabi ndimimbili, angabi ngabanaka kakhulu iwayini, angahaheli inzuzo embi,
9 ephethe imfihlakalo yokukholwa kunembeza omhlophe.
10 Nalabo mabaqale bahlolwe, andukuba babe ngamadiyakoni, uma bengasoleki.
11 Ngokunjalo nabesifazane mababe nesizotha, abangahlebi, abazithibayo, abathembekayo ezintweni zonke.
12 Amadiyakoni mawabe ngamadoda amfazi munye, abusa kahle abantwana bawo nemizi yawo.
13 Ngokuba amadiyakoni akhonze kahle azizuzela ukuma kahle nesibindi esikhulu ekukholweni okukuKristu Jesu.
14 Lokhu ngikulobela khona ngithemba ukuza kuwe masinyane;