22 Ungasheshi ubeke izandla noma kubani, futhi ungahlanganyeli izono zabanye, uzigcine ube mhlophe.
23 Ungabe usaphuza amanzi odwa, kepha phuza iwayini eliyingcosana ngenxa yesisu sakho nobuthakathaka bakho obuvamileyo.
24 Izono zabanye abantu zisobala, zibandulela ekwahlulelweni; kepha abanye ziyabalandela.
25 Ngokunjalo nemisebenzi emihle isobala; naleyo engenjalo ingesitheke.