2 Abanabanumzane abakholwayo bangabadeleli, ngokuba bengabazalwane, kodwa kube yikhona bebakhonza kakhulu, ngokuba bengabakholwayo nabathandekayo labo abasizakala ngomsebenzi wabo.Wofundisa lezo zinto, uyale ngazo.
3 Uma kukhona umuntu ofundisa okwahlukileyo, engawalandeli amazwi aphilileyo eNkosi yethu uJesu Kristu nesifundiso esiya ngokumesaba uNkulunkulu,
4 ukhukhumele lowo engaqondi lutho, kumphethe ukubuzana nokuphikisana ngamazwi okuvela kukho umhawu, nombango, nokuhlambalaza, nokuzindla okubi,
5 nokuxabana kwabantu abangqondo yabo yonakele, abamukwe iqiniso, bethi ukumesaba uNkulunkulu kuyindlela yenzuzo.
6 Yebo, ukumesaba uNkulunkulu kanye nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu,
7 ngokuba asilethanga lutho ezweni; kusobala ukuthi singemuke nalutho futhi;
8 kepha uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho.