2 kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte, kubo abangcwelisiwe kuKristu Jesu, ababiziweyo abangcwele, kanye nabo bonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Kristu ezindaweni zonke, eyabo neyethu:
3 Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
4 Ngibonga uNkulunkulu wami ngesikhathi sonke ngani ngenxa yomusa kaNkulunkulu eniwuphiweyo kuKristu Jesu
5 ukuthi ezintweni zonke nicetshisiwe kuye, ekukhulumeni konke nasekwazini konke,
6 njengalokho ubufakazi ngoKristu baqiniswa kini,
7 ukuze ningasilalelwa nasinye isiphiwo somusa, nisahlalele ukwambulwa kweNkosi yethu uJesu Kristu,
8 yena oyakuniqinisa nani kuze kube sekupheleni, ningabi nacala ngosuku lweNkosi yethu uJesu Kristu.