21 Ngokuba njengalokho ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu izwe alimazanga uNkulunkulu ngokuhlakanipha kwalo, kwaba kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula bentshumayelo.
22 Ngokuba abaJuda babiza izibonakaliso, namaGreki afuna ukuhlakanipha,
23 kepha thina sishumayela uKristu obethelwe esiphambanweni, isikhubekiso kubaJuda, ubuwula kubo abezizwe,
24 kepha kubo ababiziweyo, abaJuda namaGreki, sishumayela uKristu, amandla kaNkulunkulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu.
25 Ngokuba ubuwula bukaNkulunkulu buhlakaniphile kunabantu; nobuthakathaka bukaNkulunkulu bunamandla kunabantu.
26 Ngokuba bhekani ukubizwa kwenu bazalwane: kababaningi abahlakaniphileyo ngokwenyama, kababaningi abanamandla, kababaningi abayizikhulu,
27 kodwa izinto zobuwula zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise abahlakaniphileyo; nezinto ezibuthakathaka zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise izinto ezinamandla;