23 kepha thina sishumayela uKristu obethelwe esiphambanweni, isikhubekiso kubaJuda, ubuwula kubo abezizwe,
24 kepha kubo ababiziweyo, abaJuda namaGreki, sishumayela uKristu, amandla kaNkulunkulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu.
25 Ngokuba ubuwula bukaNkulunkulu buhlakaniphile kunabantu; nobuthakathaka bukaNkulunkulu bunamandla kunabantu.
26 Ngokuba bhekani ukubizwa kwenu bazalwane: kababaningi abahlakaniphileyo ngokwenyama, kababaningi abanamandla, kababaningi abayizikhulu,
27 kodwa izinto zobuwula zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise abahlakaniphileyo; nezinto ezibuthakathaka zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise izinto ezinamandla;
28 nezinto eziphansi zezwe nezinto ezidelelwayo uNkulunkulu wazikhetha, nezinto ezingekho, ukuba achithe ezikhona,
29 ukuze kungabikho nyama ezibongayo phambi kukaNkulunkulu.