28 nezinto eziphansi zezwe nezinto ezidelelwayo uNkulunkulu wazikhetha, nezinto ezingekho, ukuba achithe ezikhona,
29 ukuze kungabikho nyama ezibongayo phambi kukaNkulunkulu.
30 Kepha ngaye nikuJesu Kristu owenzelwe thina ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu nokulunga kanye nokungcweliswa nokuhlengwa,
31 ukuze kuthi njengokulotshiweyo:“Ozibongayo akazibonge eNkosini.”