21 Ningesiphuze isitsha seNkosi kanye nesitsha samademoni; ningelihlanganyele itafula leNkosi kanye netafula lamademoni.
22 Kumbe siyayivusela iNkosi ulaka na? Kanti sinamandla kunayo na?
23 Kuvunyelwe konke, kodwa akusizi konke; kuvunyelwe konke, kodwa akwakhi konke.
24 Akungabikho ozifunela okwakhe, kodwa akube yilowo nalowo afunele omunye.
25 Konke okuthengiswa esilaheni* kudleni, ningahloli lutho ngenxa kanembeza,
26 ngokuba umhlaba ungoweNkosi, nakho konke okukuwo.
27 Uma omunye kwabangakholwayo enimema, nithanda ukuya, kudleni konke okubekwa phambi kwenu, ningabuzi lutho ngenxa kanembeza.