10 Ngalokho-ke owesifazane ufanele ukuba abe nophawu lwesithunzi ekhanda ngenxa yezingelosi.
11 Nokho eNkosini owesifazane kalutho ngaphandle kwendoda, nendoda ayilutho ngaphandle kowesifazane,
12 ngokuba njengalokhu owesifazane evela endodeni, kanjalo nendoda ivela ngowesifazane; kepha konke kuvela kuNkulunkulu.
13 Ziboneleni nina ngokwenu; kufanele yini ukuba owesifazane akhuleke kuNkulunkulu engagubuzele na?
14 Imvelo uqobo lwayo ayinifundisi yini ukuthi uma indoda inezinwele ezinde, kuyihlazo kuyo,
15 nokuthi uma owesifazane enezinwele ezinde, kuludumo kuye na? Ngokuba uphiwe izinwele zibe yisimbozo.
16 Kepha uma umuntu efuna ukuphika inkani, asinawo umkhuba onjalo thina, namabandla kaNkulunkulu kawanawo.