2 Ngiyanibonga ngokuba ningikhumbula ezintweni zonke, nibambelela ezifundisweni, njengokuba nganinika zona.
3 Kepha-ke ngithanda ukuba nazi ukuthi inhloko yawo onke amadoda inguKristu, nenhloko yowesifazane iyindoda, nenhloko kaKristu inguNkulunkulu.
4 Yileyo naleyo ndoda esuke ikhuleka noma iprofetha, ikhanda layo limboziwe, ihlazisa ikhanda layo.
5 Kepha yilowo nalowo owesifazane osuke ekhuleka nokuba eprofetha, ikhanda lakhe lingagutshuzelwe, uhlazisa ikhanda lakhe, ngokuba lokho kukunye nokuthi uphucile.
6 Ngokuba uma owesifazane engagubuzele, akagundwe. Uma kuyihlazo kowesifazane ukuba agundwe noma aphuce, akagubuzele.
7 Ngokuba nempela indoda ayifanele ukumboza ikhanda, lokhu ingumfanekiso nodumo lukaNkulunkulu; kepha owesifazane uludumo lwendoda.
8 Ngokuba indoda ayivelanga kowesifazane, kodwa ngowesifazane owavela endodeni.