28 Kodwa umuntu akazihlolisise, khona-ke akadle lesi sinkwa, aphuze lesi sitsha.
29 Ngokuba odlayo aphuze uzidlela aziphuzele icala, uma engawahlukanisi umzimba weNkosi.
30 Ngenxa yalokho baningi phakathi kwenu ababuthakathaka nabagulayo, nabaningana balele.
31 Kepha uma besizahlulela thina, besingayikwahlulelwa.
32 Kepha nxa sahlulelwa, siyalaywa yiNkosi, ukuze singalahlwa kanye nezwe.
33 Ngakho-ke, bazalwane bami, nxa nibuthana ukuba nidle, anolindana.
34 Uma omunye elambile, akadle ekhaya ukuba ningabuthaneli ukulahlwa. Kepha okuseleyo ngokulungisa mhla ngifikayo.