25 ukuze kungabikho ukwahlukana emzimbeni, kepha izitho zonke zinakekelane ngokufanayo.
26 Uma kuhlupheka isitho sinye, kuhlupheka izitho zonke kanye naso; uma kudunyiswa isitho sinye, kujabula izitho zonke kanye naso.
27 Kepha nina ningumzimba kaKristu nezitho ngabanye.
28 UNkulunkulu umisile abathile ebandleni, kuqala abaphostoli, okwesibili abaprofethi, okwesithathu abafundisi, bese kuba yimisebenzi yamandla, bese kuba yiziphiwo zomusa zokuphulukisa, nokusiza, nokubusa, nezilimi ngezilimi.
29 Bonke bangabaphostoli na? Bonke bangabaprofethi na? Bonke bangabafundisi na? Bonke bangabenza imisebenzi yamandla na?
30 Bonke baneziphiwo zomusa zokuphulukisa na? Bonke bakhuluma ngezilimi na? Bonke bayahumusha na?
31 Kepha zondelelani iziphiwo ezinkulu.Kanti senginikhombisa indlela eyona iyinhle kakhulu.