1 Jongani uthando, futhi nizondelele iziphiwo zomoya, ikakhulu ukuba niprofethe.
2 Ngokuba okhuluma ngezilimi kakhulumi kubantu, kepha ukhuluma kuNkulunkulu; ngokuba kakho ozwayo, ukhuluma izimfihlakalo ngomoya.
3 Kepha oprofethayo ukhuluma kubantu kube ngukwakha, nokududuza, nokuqunga isibindi.
4 Okhuluma ngezilimi uyazakha yena, kepha oprofethayo wakha ibandla.