10 Kukhona izinhlobo noma zingahle zibe zingaki zokukhuluma ezweni, kepha alukho olungasho okuthile.
11 Ngakho-ke uma ngingakwazi okuqondiwe ngokukhulunywayo ngiyakuba ngowezizwe nje kokhulumayo, nokhulumayo abe ngowezizwe kimi.
12 Ngokunjalo nani, lokhu nishisekele iziphiwo zomoya, funani ukuba nibe nazo kakhulu, ukuze kwakheke ibandla.
13 Ngakho-ke okhulumayo ngezilimi akhulekele ukuba akuhumushe.
14 Ngokuba uma ngikhuleka ngezilimi, kukhuleka umoya wami, kepha ingqondo yami ayinasithelo.
15 Kunjani pho? Ngizakukhuleka ngomoya, ngikhuleke nangengqondo futhi; ngizakuhuba ngomoya, ngihube nangengqondo futhi.
16 Uma kungenjalo, nxa ubonga ngomoya, lowo osesikhundleni sabangafundile angasho kanjani ukuthi Amen ekubongeni kwakho na, lokhu engakwazi okushoyo?