18 Ngibonga uNkulunkulu ngokuba ngikhuluma ngezilimi kakhulu kunani nonke;
19 kodwa ebandleni ngingathanda ukukhuluma amazwi ayisihlanu ngengqondo yami, ukuze ngifundise abanye, kunamazwi ayizinkulungwane eziyishumi ngezilimi.
20 Bazalwane, ningabi ngabantwana ngengqondo, kanti ebubini nibe yizingane, kepha engqondweni nibe ngabakhulileyo.
21 Emthethweni kulotshiwe ukuthi:“Ngabantu bezinye izilimi,nangezindebe zabezinye izizwengiyakukhuluma kulesi sizwe;kepha noma kunjalo abayikungizwa,” kusho iNkosi.
22 Njalo-ke izilimi ziyisibonakaliso kwabangakholwayo, kungesikho kwabakholwayo; kepha ukuprofetha kuyisibonakaliso kwabakholwayo, kungesikho kwabangakholwayo.
23 Ngakho-ke uma ibandla lonke libuthene ndawonye, bonke bakhulume ngezilimi, bese kungena abangafundile noma abangakholwayo, abazukuthi niyahlanya na?
24 Kepha uma bonke beprofetha, kungene ongakholwayo noma ongafundile, uzakuhlatshwa yibo bonke, ahlulelwe yibo bonke;