24 Kepha uma bonke beprofetha, kungene ongakholwayo noma ongafundile, uzakuhlatshwa yibo bonke, ahlulelwe yibo bonke;
25 okufihliweyo kwenhliziyo yakhe kuyadalulwa; njalo uyakuwa ngobuso, akhuleke kuNkulunkulu, aqinise athi: “Impela uNkulunkulu ukhona phakathi kwenu.”
26 Kunjani, pho, bazalwane? Uma nibuthana, yilowo nalowo uba nehubo, noma isifundiso, noma ukwambula, noma izilimi, noma ukuhumusha. Konke akwenzelwe ukwakhiwa kwebandla.
27 Uma-ke umuntu ekhuluma ngezilimi, akube ngababili, bangadluli kwabathathu, badedelane, omunye ahumushe;
28 kepha uma kungekho ohumushayo, kathule ebandleni, azikhulumele yena yedwa nakuNkulunkulu.
29 Abaprofethi-ke, kukhulume ababili noma babe bathathu, abanye bakuhlole.
30 Kepha uma kwambulwa utho komunye ohlezi khona, kathule owokuqala.