27 Uma-ke umuntu ekhuluma ngezilimi, akube ngababili, bangadluli kwabathathu, badedelane, omunye ahumushe;
28 kepha uma kungekho ohumushayo, kathule ebandleni, azikhulumele yena yedwa nakuNkulunkulu.
29 Abaprofethi-ke, kukhulume ababili noma babe bathathu, abanye bakuhlole.
30 Kepha uma kwambulwa utho komunye ohlezi khona, kathule owokuqala.
31 Ngokuba ningaprofetha nonke abanye ngabanye, ukuze bafunde bonke, balulekwe bonke;
32 imimoya yabaprofethi ithobela abaprofethi;
33 ngokuba uNkulunkulu kasiye owesiyaluyalu kepha ngowokuthula. Njengokuba kunjalo emabandleni onke abangcwele,