29 Abaprofethi-ke, kukhulume ababili noma babe bathathu, abanye bakuhlole.
30 Kepha uma kwambulwa utho komunye ohlezi khona, kathule owokuqala.
31 Ngokuba ningaprofetha nonke abanye ngabanye, ukuze bafunde bonke, balulekwe bonke;
32 imimoya yabaprofethi ithobela abaprofethi;
33 ngokuba uNkulunkulu kasiye owesiyaluyalu kepha ngowokuthula. Njengokuba kunjalo emabandleni onke abangcwele,
34 abesifazane mabathule emabandleni; ngokuba kabavunyelwe ukuba bakhulume, kepha mabazithobe, njengokuba usho njalo nomthetho.
35 Uma-ke bethanda ukufunda utho, mababuze emadodeni abo emakhaya; ngokuba kuyihlazo ukuba owesifazane akhulume ebandleni.