7 Nezinto ezingenamphefumulo ezikhalayo, noma igenkle noma ihabhu*, uma zingakhali ngokwahlukeneyo, kuzakwaziwa kanjani okubethwa ngegenkle nangehabhu na?
8 Ngokuba uma icilongo likhala ngezwi elingaqondakaliyo, ngubani oyakuzilungiselela ukulwa na?
9 Kanjalo nani, uma ningakhiphi izwi elichachileyo ngolimi, kuzakwaziwa kanjani okukhulunywayo na? Ngokuba niyakube nikhuluma emoyeni.
10 Kukhona izinhlobo noma zingahle zibe zingaki zokukhuluma ezweni, kepha alukho olungasho okuthile.
11 Ngakho-ke uma ngingakwazi okuqondiwe ngokukhulunywayo ngiyakuba ngowezizwe nje kokhulumayo, nokhulumayo abe ngowezizwe kimi.
12 Ngokunjalo nani, lokhu nishisekele iziphiwo zomoya, funani ukuba nibe nazo kakhulu, ukuze kwakheke ibandla.
13 Ngakho-ke okhulumayo ngezilimi akhulekele ukuba akuhumushe.