25 Ngokuba umelwe ukubusa, aze abeke izitha zonke phansi kwezinyawo zakhe.
26 Isitha sokugcina esiyakuchithwa singukufa.
27 Ngokuba izinto zonke uzithobisele phansi kwezinyawo zakhe.Kepha nxa ethi: “Izinto zonke zithotshisiwe,” kusobala ukuthi ungaphandle kwazo yena ozithobisele phansi kwakhe.
28 Kodwa nxa izinto zonke sezithotshiselwe phansi kwakhe, lapho-ke nayo iNdodana iyakuzithoba phansi kwalowo owathobisa zonke izinto phansi kwayo, ukuze uNkulunkulu abe yikho konke kukho konke.
29 Pho, bayakwenze njani ababhapathizelwa abafileyo na? Uma abafileyo bengavuki nempela, babhapathizelwani ngenxa yabo na?
30 Futhi sizifakelani thina engozini imizuzu yonke na?
31 Bazalwane, ngiyaqinisa ngokubongwa enginakho ngenxa yenu kuKristu Jesu iNkosi yethu, ngiyafa mihla yonke.