18 Ngokuba bawuhlumelele umoya wami nowenu; ngakho baziseni abanjalo.
19 Amabandla ase-Asiya ayakhonza kini. O-Akwila noPriska bakhonza kakhulu kini eNkosini, kanye nebandla elisendlini yabo.
20 Abazalwane bonke bayakhonza kini. Bingelelanani ngokwanga okungcwele.
21 Nakhu ukukhonza kwami mina Pawulu ngesandla sami.
22 Uma umuntu engayithandi iNkosi, makabe ngoqalekisiweyo. Woza, Nkosi!
23 Umusa weNkosi uJesu mawube nani.
24 Uthando lwami alube nani nonke kuKristu Jesu.