2 Ngosuku lokuqala lweviki akube yilowo nalowo azibekelele eqongelela njengenhlanhla yakhe, ukuze kuthi nxa ngifika, kungabi yikhathi kwenziwa umnikelo.
3 Ekufikeni kwami labo enibakhethayo ngizakubathuma, bephethe izincwadi, ukuba bayise izipho zenu zothando eJerusalema;
4 uma kufanele ukuba nami ngihambe, bayakuhamba kanye nami.
5 Kepha ngiyakuza kini, nxa sengidabulile iMakedoniya; ngokuba ngiyakudabula iMakedoniya;
6 kepha ngingahle ngihlale isikhathi kini, noma ngidlulise nobusika, ukuze ningiqhube lapho ngisuka ngiya khona.
7 Ngokuba angizukunibona manje nxa ngidlula; ngokuba ngithemba ukuhlala kini isikhathi, uma iNkosi ivuma.
8 Kepha ngizakuhlala e-Efesu, kuze kufike iPhentekoste;