14 Angikulobi lokho ukuba nginithele amahloni, kodwa ukuba nginiluleke njengabantwana bami abathandekayo.
15 Ngokuba noma ninabafundisi abayizinkulungwane eziyishumi kuKristu, nokho oyihlo kababaningi, ngokuba mina nganizala kuKristu Jesu ngevangeli.
16 Ngakho-ke ngiyanincenga ukuthi: Yibani abalingisi bami.
17 Ngalokho-ke ngithumele kini uThimothewu ongumntanami othandekayo nothembekayo eNkosini, oyakunikhumbuza ngokuhamba kwami okukuKristu, njengokuba ngifundisa ezindaweni zonke emabandleni onke.
18 Kepha abanye bakhukhumele ngokungathi angiyikuza kini;
19 kodwa ngizakuza kini masinyane, uma iNkosi ivuma, ukuze ngazi, angisho amazwi alaba abakhukhumeleyo kepha amandla abo.
20 Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awuyi ngezwi kepha ngamandla.