10 Kepha abaganeneyo ngiyabayala, kungemina kodwa yiNkosi, ukuthi umfazi kangahlukani nendoda;
11 -- kepha uma eke wahlukana nayo, kahlale engaganile, kumbe abuyisane nendoda yakhe -- nendoda ingamlahli umkayo.
12 Kepha kwabanye kusho mina, akusho iNkosi, ukuthi uma umzalwane enomfazi ongakholwayo, yena-ke evuma ukuhlala naye, angamlahli;
13 nomfazi, uma enendoda engakholwayo, yona-ke ivuma ukuhlala naye, angayishiyi indoda.
14 Ngokuba indoda engakholwayo ingcwelisiwe ngomfazi, nomfazi ongakholwayo ungcwelisiwe ngomzalwane. Uma kungenjalo, abantwana benu ngabe bangcolile; kepha kalokhu bangcwele.
15 Kepha uma ongakholwayo ehlukana nomkakhe, makahlukane naye; umzalwane noma umzalwanekazi kaboshiwe kokunjalo. Kepha uNkulunkulu unibizile nibe nokuthula.
16 Ngokuba wena mfazi, wazi ngani ukuthi ungeyisindise indoda yakho? Nawe ndoda, wazi ngani ukuthi ungemsindise umkakho na?