22 Ngokuba owabizelwa eNkosini eyisigqila ungokhululekile weNkosi; ngokunjalo nowabizwa ekhululekile uyisigqila sikaKristu.
23 Nithengiwe ngenani elikhulu; ningabi yizigqila zabantu.
24 Bazalwane, akube yilowo nalowo ahlale noNkulunkulu kulokho abizwe ekukho.
25 Kepha maqondana nezintombi anginamyalo weNkosi, kepha nginitshela ukubona kwami njengothembekileyo ngokuhawukelwa yiNkosi.
26 Ngakho-ke ngithi kuhle lokhu ngenxa yokubandezeka okukhona ukuba umuntu abe njengalokhu enjalo.
27 Uboshelwe kumfazi na? Ungafuni ukukhululeka. Ukhululekile kumfazi na? Ungamfuni umfazi.
28 Kepha-ke uma uganwa, kawoni; nentombi uma igana, kayoni; kepha abanjalo bayakuba nosizi enyameni; kepha mina benginiphephisa.