31 nabasebenzisa leli zwe babe njengabangalisebenzisi, ngokuba isimo saleli zwe siyadlula.
32 Kepha ngifuna ukuba ningabi nakukhathazeka. Ongaganiwe ukhathalela okweNkosi ukuba angayithokozisa kanjani iNkosi.
33 Kepha oganiweyo ukhathalela okwezwe ukuba angathokozisa kanjani umkakhe,
34 wahlukene phakathi. Nongaganile oyintombi ukhathalela okweNkosi, ukuze abe ngcwele emzimbeni nasemoyeni; kepha oganileyo ukhathalela okwezwe ukuba angayithokozisa kanjani indoda yakhe.
35 Ngisho lokhu ukuba kube lusizo kinina; akusikho ukuba nginigaxe ngentambo kepha ukuba nihambe ngokufaneleyo, nibambelele eNkosini ngokungaphazameki.
36 Kepha uma umuntu ethi wenza okungafanele ngakuyo indodakazi yakhe, uma isikhulile ngeminyaka, akenze akubonayo, uma kumelwe ukuba kwenziwe kanjalo; akoni; mabaganane.
37 Kepha omiyo eqinile enhliziyweni yakhe, engacindezelwa lutho, angenza akubonayo; uma esenqumile enhliziyweni yakhe ukuthi uzakugcina indodakazi yakhe iyintombi, wenza kahle.