1 Maqondana nokuhlatshelwe izithombe siyazi ukuthi sonke sinokwazi. Ukwazi kuyakhukhumeza, kepha uthando luyakha.
2 Uma umuntu ethi wazi utho, kakazi njengokuba kufanele ukuba azi;
3 kepha uma umuntu ethanda uNkulunkulu, yena uyaziwa nguye.
4 Ngakho-ke maqondana nokudla okuhlatshelwe izithombe siyazi ukuthi asikho isithombe ezweni nokuthi akakho omunye uNkulunkulu, munye kuphela.
5 Ngokuba noma kukhona okuthiwa onkulunkulu, nokuba kusezulwini nokuba kusemhlabeni, njengokuba bakhona onkulunkulu abaningi namakhosi amaningi,