4 Ngakho-ke maqondana nokudla okuhlatshelwe izithombe siyazi ukuthi asikho isithombe ezweni nokuthi akakho omunye uNkulunkulu, munye kuphela.
5 Ngokuba noma kukhona okuthiwa onkulunkulu, nokuba kusezulwini nokuba kusemhlabeni, njengokuba bakhona onkulunkulu abaningi namakhosi amaningi,
6 nokho kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise, okuvela kuye konke, nathi sikhonela yena, nenkosi inye, uJesu Kristu, okungaye konke, nathi sikhona ngaye.
7 Kepha lokho kwazi akukho kubo bonke. Kodwa abanye, lokhu bejwayelene nezithombe kuze kube manje, bakudla njengokuhlatshelwe isithombe, nonembeza wabo obuthakathaka uyangcola.
8 Kepha ukudla akusisondezi kuNkulunkulu; ngokuba noma singadli, asilahlekelwa lutho; noma sidla, asizuzi lutho.
9 Qaphelani kodwa, funa leli lungelo lenu libe yisikhubekiso kwababuthakathaka.
10 Ngokuba uma umuntu ekubona wena onokwazi uhlezi ekudleni ethempelini lesithombe, unembeza walowo osebuthakathaka akayikududeka yini, aze adle okuhlatshelwe isithombe, na?