1 Angikhululekile na? Angisiye umphostoli na? Angimbonanga uJesu iNkosi yethu na? Nina anisiwo umsebenzi wami eNkosini na?
2 Noma ngingesiye umphostoli kwabanye, nokho kinina nginguye, ngokuba uphawu lobuphostoli bami eNkosini yinina.
3 Lokhu kungukuziphendulela kwami kwabangisolayo.
4 Asinalungelo yini lokudla nokuphuza na?