12 Uma abanye behlanganyela lawo mandla phezu kwenu, kungebe yithi kakhulu na? Nokho asilisebenzisanga lelo gunya, kepha sibekezela ngakho konke, ukuze singalithiyi ivangeli likaKristu.
13 Anazi yini ukuthi abaphethe imisebenzi yethempeli badla okwethempeli nokuthi abakhonza e-altare bahlanganyela ne-altare na?
14 Ngokunjalo iNkosi imisile ukuba abamemezela ivangeli baphile ngevangeli.
15 Kepha mina angisebenzisanga lutho lwalezo zinto; futhi lokho angikulobanga ukuba kwenziwe kanjalo kimi; ngokuba kungaba ngcono kimi ukuba ngife kunokuba umuntu alwenz' ize udumo lwami.
16 Ngokuba noma ngishumayela ivangeli, anginaludumo ngalokho, ngokuba ngimelwe ukwenze njalo; ngokuba maye kimina uma ngingalishumayeli ivangeli!
17 Ngokuba uma ngikwenza lokho ngokuzithandela kwami, nginomvuzo; kepha uma kungengakho ukuzithandela kwami, khona-ke kungumsebenzi engiwuphathisiweyo.
18 Pho, uyini umvuzo wami na? Uyilokhu ukuba nxa ngishumayela ivangeli, ngikwenze ukuba ivangeli lingabizi lutho, ukuze ngingasebenzisi ilungelo lami enginalo evangelini.