4 Asinalungelo yini lokudla nokuphuza na?
5 Asinalungelo yini lokuhamba nomzalwanekazi ongumkethu njengabanye abaphostoli, nabafowabo beNkosi, noKhefase, na?
6 Kanti yimi kuphela noBarnaba esingenalungelo lokuyeka ukusebenza na?
7 Ngubani oke aye empini ngezakhe izindleko na? Ngubani otshala isivini, angazidli izithelo zaso, na? Ngubani owalusa umhlambi, angadli ubisi lomhlambi, na?
8 Lokho ngikusho ngokwabantu nje na? Nomthetho kambe kawusho khona lokho na?
9 Ngokuba kulotshiwe emthethweni kaMose ukuthi: “Ungayifaki inkabi isifonyo, nxa ibhula amabele.” Konje uNkulunkulu ukhathalela izinkabi na?
10 Noma ukusho ngenxa yethu impela na? Yebo, kwalotshwa ngenxa yethu, ngokuba olimayo kufanele alime enethemba, nobhulayo abhule enethemba lokwabelwa naye.