9 Ngokuba kulotshiwe emthethweni kaMose ukuthi: “Ungayifaki inkabi isifonyo, nxa ibhula amabele.” Konje uNkulunkulu ukhathalela izinkabi na?
10 Noma ukusho ngenxa yethu impela na? Yebo, kwalotshwa ngenxa yethu, ngokuba olimayo kufanele alime enethemba, nobhulayo abhule enethemba lokwabelwa naye.
11 Uma thina sihlwanyele kini okomoya, kuyinto enkulu yini, uma sizovuna okwenu kwenyama na?
12 Uma abanye behlanganyela lawo mandla phezu kwenu, kungebe yithi kakhulu na? Nokho asilisebenzisanga lelo gunya, kepha sibekezela ngakho konke, ukuze singalithiyi ivangeli likaKristu.
13 Anazi yini ukuthi abaphethe imisebenzi yethempeli badla okwethempeli nokuthi abakhonza e-altare bahlanganyela ne-altare na?
14 Ngokunjalo iNkosi imisile ukuba abamemezela ivangeli baphile ngevangeli.
15 Kepha mina angisebenzisanga lutho lwalezo zinto; futhi lokho angikulobanga ukuba kwenziwe kanjalo kimi; ngokuba kungaba ngcono kimi ukuba ngife kunokuba umuntu alwenz' ize udumo lwami.