2 Sibonga uNkulunkulu njalo ngani nonke, siniphatha emikhulekweni yethu,
3 sikhumbula ngokungayeki isenzo senu sokukholwa, nomsebenzi wothando, nokukhuthazela kwethemba lenu eliseNkosini yethu uJesu Kristu phambi kukaNkulunkulu noBaba wethu,
4 sikwazi, bazalwane abathandiwe nguNkulunkulu, ukukhethwa kwenu
5 ukuthi ivangeli lethu alizanga kini ngezwi kuphela kodwa nangamandla, nangoMoya oNgcwele, nangokwethemba okukhulu, njengokuba nazi ukuthi saba ngabantu abanjani phakathi kwenu ngenxa yenu.
6 Nani naba ngabalingisi bethu, nabeNkosi senilamukele izwi ekukhathazekeni okukhulu ngokuthokoza kukaMoya oNgcwele,
7 naze naba yisibonelo kubo bonke abakholwayo eMakedoniya nase-Akhaya.
8 Ngokuba udumo lwezwi leNkosi lwaphuma kinina, lwafika, angisho eMakedoniya nase-Akhaya kuphela, kepha ezindaweni zonke lapho ukukholwa kwenu nguNkulunkulu kuphumele khona; ngakho asisadingi ukukhuluma lutho.