1 Elokugcina-ke, bazalwane, siyaninxusa, siyaniyala ngeNkosi uJesu ukuba njengalokho nakwamukela kithi ukuthi nifanele ukuhamba nokumthokozisa kanjani uNkulunkulu, njengalokho nihamba kanjalo, manivame kakhulu kulokho.
2 Ngokuba niyayazi imiyalo esaninika yona ngayo iNkosi uJesu.
3 Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu, ukungcweliswa kwenu, ukuba nidede ebufebeni
4 ukuba yilowo nalowo kini akwazi ukuhlala nomkakhe ngobungcwele nangokuhlonipha,
5 kungabi ngokushisa kwenkanuko njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu
6 ukuba kungabikho noyedwa omonayo, aphambe umfowabo ngento, ngokuba iNkosi ingumphindiseli kukho konke lokho, njengokuba sanitshela phambili, saqinisa.