4 ukuba yilowo nalowo kini akwazi ukuhlala nomkakhe ngobungcwele nangokuhlonipha,
5 kungabi ngokushisa kwenkanuko njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu
6 ukuba kungabikho noyedwa omonayo, aphambe umfowabo ngento, ngokuba iNkosi ingumphindiseli kukho konke lokho, njengokuba sanitshela phambili, saqinisa.
7 Ngokuba uNkulunkulu kasibizelanga amanyala, kepha wasibizela ebungcweleni.
8 Ngakho-ke owalayo akali umuntu, kepha wala uNkulunkulu, yena oninika uMoya wakhe oNgcwele.
9 Kepha maqondana nothando lobuzalwane anisweli ukuba umuntu anilobele, ngokuba nina uqobo ningabafundisiwe nguNkulunkulu ukuba nithandane;
10 nempela niyakwenza lokho kubo bonke abazalwane abaseMakedoniya lonke. Kepha siyaniyala, bazalwane, ukuba nivame nokuvama kulokho,