11 Ngokuba ngokwenze njalo niyakuphiwa ngokwengcebo ukungena embusweni waphakade weNkosi yethu noMsindisi uJesu Kristu.
12 Ngakho-ke ngiyakuba yilokhu nginikhumbuza njalo ngalezo zinto, nakuba nizazi, nime niqinile eqinisweni elikhona.
13 Ngithi kufanele, nxa ngisekhona kuleli dokodo, nginivuse ngokunikhumbuza,
14 ngazi ukuthi kuseduze ukususwa kwedokodo lami, njengalokho neNkosi yethu uJesu Kristu yangitshengisa;
15 kepha ngizakukhuthalela ukuba ngezikhathi zonke emva kokumuka kwami nisale nizikhumbule lezo zinto.
16 Ngokuba sasingalandeli izinganekwane zobuqili, lapho sanazisa amandla nokufika kweNkosi yethu uJesu Kristu, kodwa sasingababonayo amandla obukhosi bakhe.
17 Ngokuba wamukela kuNkulunkulu uYise udumo nenkazimulo, lapho kwafika kuye izwi elinje, livela enkazimulweni yobukhosi, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo” --