7 nasekumesabeni uNkulunkulu ukuthanda abazalwane, nasekuthandeni abazalwane uthando.
8 Ngokuba uma lezo zinto zikhona kini zivama, ziyanenza ningabi ngabavilaphayo nabangenazithelo ekwazini iNkosi yethu uJesu Kristu,
9 ngokuba okungekho kuye lezo zinto uyimpumputhe, ebona kalufifi, ekhohliwe ukuhlanjululwa ezonweni zakhe zokuqala.
10 Ngakho-ke, bazalwane, khuthalelani kakhulu ukwenza kuqiniseke ukubizwa nokukhethwa kwenu; ngokuba uma nenza lokho, anisoze nakhubeka.
11 Ngokuba ngokwenze njalo niyakuphiwa ngokwengcebo ukungena embusweni waphakade weNkosi yethu noMsindisi uJesu Kristu.
12 Ngakho-ke ngiyakuba yilokhu nginikhumbuza njalo ngalezo zinto, nakuba nizazi, nime niqinile eqinisweni elikhona.
13 Ngithi kufanele, nxa ngisekhona kuleli dokodo, nginivuse ngokunikhumbuza,