8 Ngokuba uma lezo zinto zikhona kini zivama, ziyanenza ningabi ngabavilaphayo nabangenazithelo ekwazini iNkosi yethu uJesu Kristu,
9 ngokuba okungekho kuye lezo zinto uyimpumputhe, ebona kalufifi, ekhohliwe ukuhlanjululwa ezonweni zakhe zokuqala.
10 Ngakho-ke, bazalwane, khuthalelani kakhulu ukwenza kuqiniseke ukubizwa nokukhethwa kwenu; ngokuba uma nenza lokho, anisoze nakhubeka.
11 Ngokuba ngokwenze njalo niyakuphiwa ngokwengcebo ukungena embusweni waphakade weNkosi yethu noMsindisi uJesu Kristu.
12 Ngakho-ke ngiyakuba yilokhu nginikhumbuza njalo ngalezo zinto, nakuba nizazi, nime niqinile eqinisweni elikhona.
13 Ngithi kufanele, nxa ngisekhona kuleli dokodo, nginivuse ngokunikhumbuza,
14 ngazi ukuthi kuseduze ukususwa kwedokodo lami, njengalokho neNkosi yethu uJesu Kristu yangitshengisa;