5 nezwe lamandulo engaliyekanga, kodwa wamlondoloza uNowa, umshumayeli wokulunga, engowesishiyagalombili, mhla eletha uzamcolo ezweni elingamesabi uNkulunkulu;
6 nemizi yaseSodoma neGomora wayahlulela wayichitha ngokuyiphendula umlotha, eyenza ibe yisiboniso kubo abangayikumesaba uNkulunkulu;
7 noLoti olungileyo, ehlushwa ngukuhamba ngamanyala kwabangenamthetho, wamhlangulisa --
8 ngokuba ngokubona nangokuzwa lona olungileyo, ehlala phakathi kwabo, wezwisa ubuhlungu umphefumulo wakhe olungileyo imihla ngemihla ngenxa yezenzo ezingenamthetho --
9 iNkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni abamesabayo uNkulunkulu, kepha abangalungile iyabagcinela usuku lokwahlulelwa, bajeziswe,
10 ikakhulu labo abahamba ngokwenyama enkanukweni yokuzingcolisa, bedelela ubukhosi; bengamaphikankani nabaziqhenyayo abesabi nokuhlambalaza abenkazimulo,
11 kanti izingelosi, nokuba zizinkulu ngobuqhwaga namandla, azibamangaleli ngenhlamba phambi kweNkosi.