13 Isibonelo samazwi aphilayo masibe yilawo owawezwa kimi ngokukholwa nangothando olukuKristu Jesu;
14 okuhle okubekiwe kuwe ukulonde ngoMoya oNgcwele ohlala kithi.
15 Uyazi lokhu ukuthi bonke abase-Asiya bangifulathele, abaphakathi kwabo ngoFigelu noHermogene.
16 INkosi mayinike indlu ka-Onesiforu umusa, ngokuba wangihlumelela kaningi, wayengenamahloni ngeketanga lami,
17 kepha esefikile eRoma wangifunisisa, wangifumana --
18 iNkosi mayimnike ukuba athole ububele eNkosini ngalolo suku -- konke akhonza ngakho e-Efesu uyakwazi wena kakhulu.