1 Ngakho wena mntanami, yiba namandla emseni okuKristu Jesu;
2 lokho okuzwileyo kimi phambi kofakazi abaningi, lokho-ke kubeke kubantu abathembekileyo abazakuba namandla okufundisa nabanye.
3 Hlanganyela nami ukuhlupheka njengebutho elihle likaKristu.
4 Akakho osempini olibala izidingo zalokhu kuphila, aze akholeke kulowo abuthwe nguye.
5 Futhi nxa umuntu encintisana, kaqheliswa engancintisananga ngokomthetho.